ISOKA LAMI😊 P33
Avele athule usandile angasho lutho iskhashana nje wathatha ucingo lwa Buhle walichofa wabheka inamba ka mamthembu wayithola wayifonela
"Lalelake uzokhuluma no mawakho umtshele ukuthi akaphuthume la ufuna azoba ufakazi wakho ngoba mina ngyakushada njengoba ekhaya bethi sekumele ngishade manje semgimdala Kusho usandile efaka ifoni Ku loudspeaker nje iringa njengoba eyibamba nje ifoni umamthembu
"📱 Mtanami ngitshele ukuthi kuhamba Kahle lapho ukhona ngitshele ukuthi usandile Lo wakhona sengowakho njengoba lentombinyana yakhe nje isilusa amadada Kusho umamthembu
"📲Mmmh mah ngifona nje ngifuna ukukucela ukuthi uze Lana usandile usevele wangimangaza ufuna ukungishada manje mina ngifuna ube khona njengofakazi ungakwazi mAh kusho ubuhle eshawa amahloni ngendlela umawakhe akhuluma ngayo ngoba phela nangu no sandile uyezwa
"📱Nginganqaba kanjani nje umtanami esezoba indlovukazi Wena Senda nje I location yalapho ngizofika manje khululeka lilili kwakuhle kwethu Kusho umamthembu eqina phela uzitshela ukuthi nje indodakazi yakhe isize yamthola lomuntu
"📲 Okay mAh zokusendela manje Kusho ubuhle evala ifoni ayithathe usandile asende ilocation yalapha bekhona akuthathanga skhathi esngakanani watheleka umamthembu wagqogqoza wayovula usandile ephethe isbhamu sakhe ngesandla
"Ungangena mbulali ndini kodwa mama umdala kanje kodwa usungaze ubulale awu kokusiza ukuthi usheshe ungene ngoba angnalo ilanga lonke mina ngindoda ematasa kakhulu Kusho usandile ehlinile
"Hau mfana Wani kwenze njn waphatha isikhali manje uthe nje engena umamthembu wakhungwa indodakazi yakhe esikhale yaze yaneslokozane impela
"Angithi Nina nababulali ninemali yakoqasha izinkabi ukuthi ziyobulala ngikhuluma nje nomaka Ntombenhle usemakhazeni Wena nalonondidwa wakho niziphilelanike mawucabanga Kusho usandile ediniwe
"Avele abakaze umamthembu aphelelwe amazwi azowasho ngoba kucacile ukuthi ubuhle Lo useculile vele sekubhedile imah mfana wami sikhulume ayikho into engalungiseki