ISOKA LAMI 😊 P31
wafika usandile esangweni Laka Buhle waphuma emotweni wama wancika ngayo egqoke Kahle naye econsa usandile ezimisele impela waphuma ubuhle emuhle emangaza naye egqoke Kahle econsa wafika wamvulela iscabha usandile wangena phakathi naye wayongona phakathi wasusa imoto
"Unjn Buhle Waze wamuhle Kusho usandile emoyizela
"Ngyaphila ngyabonga Sandile Nawe umuhle futh Kusho ubuhle ebuka usandile emoyizela naye
"Hau Waze wadlala ngami Buhle ngimuhlephi nje mina kodwa Kusho usandile ehleka
"Ngiqinisile umuhle Sandile awusho ungiyisaphi vele kubuza ubuhle
"I suprise uzobona ngikusaphi ntokazi enhle Kusho usandile emomotheka ebheke phambili la eya khona ajabule afe ubuhle mezwa usandile ekhuluma kanje naye
"Yaz ngangazi ukuthi ngoke ngigibele lemoto yakho sandile bengithi awungifuni nje Kusho ubuhle
"Kanti khululeka usazoyigibela lemoto Buhle ngiyabona ukuthi ngangenza iphutha nje ngawe phela umuhle kabi Wena mmmh Kusho usandile eshintsha igiya
"Ayyyy ngiyizwa Kusho ubuhle emomotheka yedwa ihambe imoto ize ifike kulomuzi abaya kuwona ayipake usandile ayovulela ubuhle iscabha aphume naye
"Kodwa Sandile umuzi owodwa Lana obuqamama kanje neminye imizi kodwa muhleke wono Kusho ubuhle ebuka lomuzi omuhle kangaka uboqamama neminye imizi
"Phela ngifuna iskhathi Nawe angifuni muntu ozosphazamisa bengifuna sibe endaweni ethuli nje kuze sizoxoxa Kahle mina Nawe Kusho usandile ebamb isandla sabuhle beyongena endlini avike akhiye usandile"yah Buhle awungitshele Kahle angifuni futh ukuthi uqambe Amanga NGOBA la angeke utholwe umuntu noma ungamemeza futh akekho ozokuzwa mina into nje engidinga kuwena iqiniso nje qha Kusho usandile eshintsha ebusweni
"Aybo Sandile wanjena manje ukhuluma ngani futh kubuza ubuhle ethuka
"Buhle mawucabanga mina ngingathanda Wena ngikwazi Kahle ukuthi unjani ungumthakathi Wena kodwa angikho lapho mina ngifuna ungitshele ukuthi ubani odubule ka Ntombenhle kubuza usandile esebheje amehlo esebomvu tubu ulaka lugcwele ubuso